U-Isaya 2:13-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. naphezu kwayo yonke imisedari* yaseLebanoni,emide nephakemeyo,naphezu kwawo onke ama-oki* aseBashani,

14. naphezu kwazo zonke izintaba ezinde,naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo,

15. naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo,naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo,

16. naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi,naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.

U-Isaya 2