U-Isaya 2:10-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ngena edwaleni, ucashe othuliningokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.

11. Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa,nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola,kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.

12. Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakubaphezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo,naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,

13. naphezu kwayo yonke imisedari* yaseLebanoni,emide nephakemeyo,naphezu kwawo onke ama-oki* aseBashani,

14. naphezu kwazo zonke izintaba ezinde,naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo,

15. naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo,naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo,

16. naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi,naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.

17. Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa,nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa,kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,

18. ziphele izithombe, zithi nya.

19. Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlabangokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe,lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

20. Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwoamavukuzi nakuwo amalulwaneizithombe zabo zesilivanezithombe zabo zegolide,abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,

21. ukuze bangene emihumeni yamadwalanasemifantwini yeziwangokwesabeka kukaJehovanangodumo lobukhosi bakhe,lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

22. Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje,ngokuba babalwa njengantoni na?

U-Isaya 2