6. Imifula iyakunuka,imifudlana yaseGibithe iyakuncipha, yome,kubune umhlanga nebungu.
7. Kuyakuba khona uqwathule ngaseNayile,ngasogwini lweNayile,nakho konke okutshaliwe ngaseNayile kuyakoma,kuhlakazwe, kungabe kusababikho.
8. Abadobi bayakukhala, balile,bonke abaphonsa udobo eNayile;nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.
9. Bayakujabha abasebenza ngefilakisi* eliklayiweyokanye nabaluki belineni.
10. Izisekelo zalo ziyakwaphulwa,bonke abasebenza ngokuqashwa badabuke ngenhliziyo.
11. Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela,nesiluleko sabalulekiabahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula;ningasho kanjani kuFaro ukuthi:“Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo,ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?
12. Pho, baphi abahlakaniphileyo bakho na?Mabakutshele, bakwaziselokhu akucebile uJehova Sebawoti ngeGibithe.