U-Isaya 19:17-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe yeGibithe; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova Sebawoti alicebe ngalo.

18. Ngalolo suku kuyakuba yimizi eyisihlanu ezweni laseGibithe eyakukhuluma ulimi lwaseKhanani, ifunge uJehova Sebawoti; omunye uyakuthiwa uMuzi Welanga.

19. Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.

20. Liyakuba yisibonakaliso nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibithe, ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule.

21. UJehova uyakuzazisa eGibithe, nabaseGibithe bayakumazi uJehova ngalolo suku, bamkhonze ngomhlatshelo nomnikelo, benze izithembiso kuJehova, bazigcwalise.

22. UJehova uyakulishaya iGibithe, elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.

23. Ngalolo suku kuyakuba khona umendo ophuma eGibithe uye e-Asiriya; i-Asiriya liyakungena eGibithe, iGibithe lingene e-Asiriya, iGibithe likhuleke kanye ne-Asiriya.

24. Ngalolo suku u-Israyeli uyakuba ngowesithathu kanye neGibithe ne-Asiriya, babe yisibusiso phakathi komhlaba,

25. uJehova Sebawoti ababusisa ngaso, ethi: “Malibusiswe iGibithe abantu bami, ne-Asiriya umsebenzi wezandla zami, no-Israyeli ifa lami.”

U-Isaya 19