16. Ngalolo suku iGibithe liyakuba njengabesifazane, lithuthumele, lesabe ukunikina kwesandla sikaJehova Sebawoti asinikina phezu kwalo.
17. Izwe lakwaJuda liyakuba yingebhe yeGibithe; njalo lapho likhunjuzwa ngalo, liyakwesaba icebo uJehova Sebawoti alicebe ngalo.
18. Ngalolo suku kuyakuba yimizi eyisihlanu ezweni laseGibithe eyakukhuluma ulimi lwaseKhanani, ifunge uJehova Sebawoti; omunye uyakuthiwa uMuzi Welanga.
19. Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.
20. Liyakuba yisibonakaliso nobufakazi kuJehova Sebawoti ezweni laseGibithe, ngokuba bayakukhala kuJehova ngabacindezeli; yena uyakubathumela umsindisi nomvikeli, abophule.
21. UJehova uyakuzazisa eGibithe, nabaseGibithe bayakumazi uJehova ngalolo suku, bamkhonze ngomhlatshelo nomnikelo, benze izithembiso kuJehova, bazigcwalise.
22. UJehova uyakulishaya iGibithe, elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.
23. Ngalolo suku kuyakuba khona umendo ophuma eGibithe uye e-Asiriya; i-Asiriya liyakungena eGibithe, iGibithe lingene e-Asiriya, iGibithe likhuleke kanye ne-Asiriya.