U-Isaya 19:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isiprofetho ngeGibithe.Bheka, uJehova ukhwele phezu kwefu elinejubane,uyeza eGibithe;onkulunkulu baseGibithe bayathuthumela ebusweni bakhe,nezinhliziyo zabaseGibithe ziphela amandla phakathi kwabo.

2. “Ngiyakuvusa abaseGibitheukuba bamelane nabaseGibithe,balwe, kube yilowo nalowo nomfowabo,kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe,umuzi nomuzi,umbuso nombuso.

3. Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo;ngiyakuchitha amasu alo;bayakufuna onkulunkulu,nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.

4. Ngiyakubanikeza abaseGibitheesandleni senkosi elukhuni,nenkosi enamandla iyakubusa phezu kwabo,”isho iNkosi uJehova Sebawoti.

5. Amanzi ayakuphela elwandle,umfula wome, ushe.

6. Imifula iyakunuka,imifudlana yaseGibithe iyakuncipha, yome,kubune umhlanga nebungu.

7. Kuyakuba khona uqwathule ngaseNayile,ngasogwini lweNayile,nakho konke okutshaliwe ngaseNayile kuyakoma,kuhlakazwe, kungabe kusababikho.

8. Abadobi bayakukhala, balile,bonke abaphonsa udobo eNayile;nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.

9. Bayakujabha abasebenza ngefilakisi* eliklayiweyokanye nabaluki belineni.

U-Isaya 19