U-Isaya 15:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isiprofetho ngoMowabi.Impela ebusuku bunye i-Ari Mowabi linqotshiwe,lichithekile;impela ebusuku bunye iKhiri Mowabi linqotshiwe,lichithekile.

2. Bayakhuphukela ethempelini;iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala;uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba;onke amakhanda ayizimpandlana,zonke izilevu ziphuculiwe.

3. Ezitaladini zabo bayabhinca indwangu yamasaka,nasophahleni lwabo nasezigcawini zabobayaklewula bonke,bamululeka izinyembezi.

4. IHeshiboni liyadazuluka kanye ne-Elehale;izwi labo lizwakala kuze kube naseJahasi;ngalokho amabutho akwaMowabi ayakhamuluka,umphefumulo wakhe uyathuthumela phakathi kwakhe.

5. Inhliziyo yami ikhalela uMowabi;ababalekileyo bakhe bayabalekela eSora,nase Egila Shelishiya;yebo, nasegqumeni laseLuhithe bakhuphukela bekhala,nasendleleni eya eHoronayimi,bephakamisa izwi lokudazuluka.

6. Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo,notshani buyoma, uhlaza luyaphela,akusekho okuluhlaza.

U-Isaya 15