U-Isaya 14:8-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Yebo, nemisayipuresi* ithokoza ngawe,kanye nemisedari* yaseLebanoni, ngokuthi:‘Selokhu walaliswa phansi,akakho umgawuli okhuphukela kithina.’

9. Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiweukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho,ikuvusele izithunzi,zonke izikhulu zomhlaba,isukumise onke amakhosi ezizweezihlalweni zawo zobukhosi.

10. Onke ayakuthatha athi kuwe:Nawe usubuthakathaka njengathi,usufana nathi, na?

11. Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo,umsindo wezingubhu zenu;izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho,nezibungu ziyakusibekela.

12. “Yeka ukuwa kwakho ezulwini,khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa,nokunqunyelwa kwakho phansi,wena owawuthobisa izizwe.

13. Wena wathi enhliziyweni yakho:‘Ngiyakukhuphukela ezulwini,ngiphakamise isihlalo sami sobukhosiphezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu,ngihlale entabeni yomhlanganongasekugcineni kwasenyakatho.

14. Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawoeziphakemeyo zamafu,ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’

15. Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo,ekugcineni komgodi.

16. “Abakubonayo bayakugqolozela,bakuqaphele, bathi:‘Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba,wanyakazisa imibuso,

17. owenza izwe laba yihlane,wayichitha imizi yalo,akavumela iziboshwa zakheukuba zigoduke, na?’

18. Onke amakhosi ezizwe,onke alala ngodumo,yileyo naleyo endlini yayo.

19. Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakhonjengegatsha elinengekayo,ligqokwe ngababuleweyo,abahlatshwe yinkemba,abehlela ematsheni omgodinjengesidumbu esinyathelweyo.

20. Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni,ngokuba uchithile izwe lakho,wabulala abantu bakho;inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.

21. Lungiselani abantwana bakhe ukubulawangobubi bawoyise,ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba,bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”

22. “Ngiyakubavukela,” usho uJehova Sebawoti,“nginqume eBabele igama, nensali,nendodana, nomzukulwana,” usho uJehova.

23. “Ngiyakulenza libe yifa likanondwebunamachibi amanzi,ngilishanele ngomshanelo wencithakalo,”usho uJehova Sebawoti.

24. UJehova Sebawoti ufungile, wathi:“Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo,nanjengokunquma kwamikuyakuma kanjalo

25. ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami,ngimnyathele phansi ezintabeni zami;bese lisuka kubo ijoka lakhe,nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”

26. Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke;yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.

27. Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile;ngubani ongakuchitha na?Isandla sakhe singeseluliweyo;ngubani ongasibuyisa na?

28. Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho.

U-Isaya 14