3. Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,
4. uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi:“Yeka ukuphela komcindezelinokugcina kokubhensa!
5. UJehova waphulile udondolo lwababinentonga yababusi
6. eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo,eyabusa izizwe ngolakangokuzingela okunganqandwanga.
7. Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula;baqhumuka ngokuhlabelela.
8. Yebo, nemisayipuresi* ithokoza ngawe,kanye nemisedari* yaseLebanoni, ngokuthi:‘Selokhu walaliswa phansi,akakho umgawuli okhuphukela kithina.’
9. Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiweukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho,ikuvusele izithunzi,zonke izikhulu zomhlaba,isukumise onke amakhosi ezizweezihlalweni zawo zobukhosi.
10. Onke ayakuthatha athi kuwe:Nawe usubuthakathaka njengathi,usufana nathi, na?
11. Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo,umsindo wezingubhu zenu;izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho,nezibungu ziyakusibekela.
12. “Yeka ukuwa kwakho ezulwini,khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa,nokunqunyelwa kwakho phansi,wena owawuthobisa izizwe.
13. Wena wathi enhliziyweni yakho:‘Ngiyakukhuphukela ezulwini,ngiphakamise isihlalo sami sobukhosiphezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu,ngihlale entabeni yomhlanganongasekugcineni kwasenyakatho.