24. UJehova Sebawoti ufungile, wathi:“Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo,nanjengokunquma kwamikuyakuma kanjalo
25. ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami,ngimnyathele phansi ezintabeni zami;bese lisuka kubo ijoka lakhe,nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”
26. Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke;yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.
27. Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile;ngubani ongakuchitha na?Isandla sakhe singeseluliweyo;ngubani ongasibuyisa na?
28. Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho.
29. Ungathokozi wena Filistiya lonkengokuthi intonga ekushayileyo yaphukile,ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu,nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.
30. Amazibulo abampofu ayakuklaba,nabaswelayo bayakulala belondekile;ngiyakubulala impande yakho ngendlala,nensali yakho iyakubhujiswa.
31. Klewula wena sango,dazuluka wena muzi,phela amandla wena Filistiya lonke!Ngokuba enyakatho kuvela umusi;akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.
32. Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na?Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni;abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.