U-Isaya 14:21-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Lungiselani abantwana bakhe ukubulawangobubi bawoyise,ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba,bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”

22. “Ngiyakubavukela,” usho uJehova Sebawoti,“nginqume eBabele igama, nensali,nendodana, nomzukulwana,” usho uJehova.

23. “Ngiyakulenza libe yifa likanondwebunamachibi amanzi,ngilishanele ngomshanelo wencithakalo,”usho uJehova Sebawoti.

24. UJehova Sebawoti ufungile, wathi:“Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo,nanjengokunquma kwamikuyakuma kanjalo

25. ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami,ngimnyathele phansi ezintabeni zami;bese lisuka kubo ijoka lakhe,nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”

26. Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke;yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.

27. Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile;ngubani ongakuchitha na?Isandla sakhe singeseluliweyo;ngubani ongasibuyisa na?

28. Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho.

29. Ungathokozi wena Filistiya lonkengokuthi intonga ekushayileyo yaphukile,ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu,nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.

30. Amazibulo abampofu ayakuklaba,nabaswelayo bayakulala belondekile;ngiyakubulala impande yakho ngendlala,nensali yakho iyakubhujiswa.

31. Klewula wena sango,dazuluka wena muzi,phela amandla wena Filistiya lonke!Ngokuba enyakatho kuvela umusi;akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.

U-Isaya 14