U-Isaya 14:10-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Onke ayakuthatha athi kuwe:Nawe usubuthakathaka njengathi,usufana nathi, na?

11. Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo,umsindo wezingubhu zenu;izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho,nezibungu ziyakusibekela.

12. “Yeka ukuwa kwakho ezulwini,khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa,nokunqunyelwa kwakho phansi,wena owawuthobisa izizwe.

13. Wena wathi enhliziyweni yakho:‘Ngiyakukhuphukela ezulwini,ngiphakamise isihlalo sami sobukhosiphezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu,ngihlale entabeni yomhlanganongasekugcineni kwasenyakatho.

14. Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawoeziphakemeyo zamafu,ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’

15. Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo,ekugcineni komgodi.

16. “Abakubonayo bayakugqolozela,bakuqaphele, bathi:‘Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba,wanyakazisa imibuso,

17. owenza izwe laba yihlane,wayichitha imizi yalo,akavumela iziboshwa zakheukuba zigoduke, na?’

U-Isaya 14