U-Isaya 13:8-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu,bazibinya njengababelethayo.Babhekana omunye nomunye bemangala.Ubuso babo bungubuso bamalangabi.

9. Bheka, usuku lukaJehova luyeza,lunonya, lunokufutheka,lunokuvutha kolaka,ukuba lwenz'ize umhlaba,luchithe izoni zawo kuwo.

10. Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazoakuyikukhanya;ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo,nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.

11. Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo,nababi ngezono zabo,ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo,ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.

12. Ngiyakwenza umuntu abe yigugu kunegolide elihle,yebo, umuntukazana kunegolide elicwengekileyo.

13. Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu,umhlaba unyakaziswe endaweni yawo,ngentukuthelo kaJehova Sebawotingosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.

14. Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu,baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo,babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.

15. Bonke abatholwayo bayakugwazwa,nabo bonke ababanjwayo bayakuwa ngenkemba.

16. Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo,izindlu zabo ziphangwe,omkabo baphoqwe.

17. Bhekani, ngiyakubavusela amaMede angayikunaka isiliva,negolide angathokozi ngalo.

18. Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo;abayikuhawukela isithelo esisesizalweni,amehlo abo angabi nasihe kubantwana.

19. IBabele, umhlobiso wemibuso,isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi,liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.

20. Alisoze labuye lakhiwa,akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane;umArabiya akayikumisa khona,nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.

21. Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona,nezindlu zalo ziyakugcwala izikhova;kuyakuhlala lapho izintshe,namademoni ayakungqabashiya khona.

22. Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo,namakhanka ezindlini zamakhosi;siseduze ukufika isikhathi salo,nezinsuku zalo aziyikwandiswa.

U-Isaya 13