18. Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo;abayikuhawukela isithelo esisesizalweni,amehlo abo angabi nasihe kubantwana.
19. IBabele, umhlobiso wemibuso,isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi,liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.
20. Alisoze labuye lakhiwa,akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane;umArabiya akayikumisa khona,nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.
21. Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona,nezindlu zalo ziyakugcwala izikhova;kuyakuhlala lapho izintshe,namademoni ayakungqabashiya khona.
22. Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo,namakhanka ezindlini zamakhosi;siseduze ukufika isikhathi salo,nezinsuku zalo aziyikwandiswa.