U-Isaya 13:15-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Bonke abatholwayo bayakugwazwa,nabo bonke ababanjwayo bayakuwa ngenkemba.

16. Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo,izindlu zabo ziphangwe,omkabo baphoqwe.

17. Bhekani, ngiyakubavusela amaMede angayikunaka isiliva,negolide angathokozi ngalo.

18. Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo;abayikuhawukela isithelo esisesizalweni,amehlo abo angabi nasihe kubantwana.

19. IBabele, umhlobiso wemibuso,isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi,liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.

20. Alisoze labuye lakhiwa,akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane;umArabiya akayikumisa khona,nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.

21. Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona,nezindlu zalo ziyakugcwala izikhova;kuyakuhlala lapho izintshe,namademoni ayakungqabashiya khona.

22. Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo,namakhanka ezindlini zamakhosi;siseduze ukufika isikhathi salo,nezinsuku zalo aziyikwandiswa.

U-Isaya 13