13. Ngalokho ngiyakuzamazamisa izulu,umhlaba unyakaziswe endaweni yawo,ngentukuthelo kaJehova Sebawotingosuku lokuvutha kwentukuthelo yakhe.
14. Kuyakuthi njengensephe exoshwayo nezimvu ezingaqoqwa muntu,baphendukele, kube yilowo nalowo kubantu bakubo,babalekele, kube yilowo ezweni lakubo.
15. Bonke abatholwayo bayakugwazwa,nabo bonke ababanjwayo bayakuwa ngenkemba.
16. Izingane zabo ziyakuchotshozwa emehlweni abo,izindlu zabo ziphangwe,omkabo baphoqwe.
17. Bhekani, ngiyakubavusela amaMede angayikunaka isiliva,negolide angathokozi ngalo.
18. Iminsalo iyakuwisa phansi izinsizwa zabo;abayikuhawukela isithelo esisesizalweni,amehlo abo angabi nasihe kubantwana.
19. IBabele, umhlobiso wemibuso,isivunulo sokuzikhukhumeza kwamaKaledi,liyakuba njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora.
20. Alisoze labuye lakhiwa,akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane;umArabiya akayikumisa khona,nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.
21. Kepha izilwane zasehlane ziyakubuthisa khona,nezindlu zalo ziyakugcwala izikhova;kuyakuhlala lapho izintshe,namademoni ayakungqabashiya khona.