1. Isiprofetho ngeBabele asibonayo u-Isaya indodana ka-Amose.
2. Misani ibhanela* entabeni elucwatha,nibaphakamisele izwi,nibaqhwebe ngezandla ukuba bangene emasangweni abakhulu.
3. Mina uqobo ngibayalile abangcwele bami,yebo, ngibizele amaqhawe ami okwentukuthelo yami,bona labo abami abajabula ngokuziqhenya.
4. Umsindo wesixuku ezintabenikungathi ngowabantu abaningi!Umsindo wokuxokozela kwemibusoyabezizwe ihlangene!UJehova Sebawoti uyabutha impi yakhe.
5. Bavela ezweni elikudenasekugcineni kwezuluuJehova nezikhali zentukuthelo yakhe,ukuba bachithe umhlaba wonke.
6. Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele;njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.
7. Ngalokho izandla zonke ziyadangala,nezinhliziyo zonke ziyaphela amandla.
8. Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu,bazibinya njengababelethayo.Babhekana omunye nomunye bemangala.Ubuso babo bungubuso bamalangabi.
9. Bheka, usuku lukaJehova luyeza,lunonya, lunokufutheka,lunokuvutha kolaka,ukuba lwenz'ize umhlaba,luchithe izoni zawo kuwo.
10. Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana bazoakuyikukhanya;ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo,nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.