U-Isaya 11:9-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Abayikwenza okubi,bangachithi entabeni yonke yami engcwele,ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehovanjengamanzi asibekela ulwandle.

10. Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo.

11. Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.

12. Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,*ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli,iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.

13. Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka,nabacindezela uJuda bayakunqunywa;u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda,noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.

14. Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga,baphange kanyekanye abantu basempumalanga,belulele izandla zabo ngaku-Edomi noMowabi,abakwa-Amoni babalalele.

15. UJehova uyakuqalekisa itheku lolwandle lwaseGibithe,anikine isandla sakhe phezu koMfula*ngokuhwamula komoya wakhe,awushaye ube yiminonjana eyisikhombisa,ukuze kuhanjwe ngezicathulo.

U-Isaya 11