U-Isaya 11:12-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,*ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli,iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.

13. Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka,nabacindezela uJuda bayakunqunywa;u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda,noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.

14. Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga,baphange kanyekanye abantu basempumalanga,belulele izandla zabo ngaku-Edomi noMowabi,abakwa-Amoni babalalele.

15. UJehova uyakuqalekisa itheku lolwandle lwaseGibithe,anikine isandla sakhe phezu koMfula*ngokuhwamula komoya wakhe,awushaye ube yiminonjana eyisikhombisa,ukuze kuhanjwe ngezicathulo.

16. Kuyakuba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe,eyakusala e-Asiriya,njengalokho kwakunjalo ku-Israyelingosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.

U-Isaya 11