11. Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.
12. Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,*ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli,iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.
13. Umhawu ka-Efrayimi uyakusuka,nabacindezela uJuda bayakunqunywa;u-Efrayimi akayikuba namhawu ngoJuda,noJuda kayikucindezela u-Efrayimi.
14. Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga,baphange kanyekanye abantu basempumalanga,belulele izandla zabo ngaku-Edomi noMowabi,abakwa-Amoni babalalele.
15. UJehova uyakuqalekisa itheku lolwandle lwaseGibithe,anikine isandla sakhe phezu koMfula*ngokuhwamula komoya wakhe,awushaye ube yiminonjana eyisikhombisa,ukuze kuhanjwe ngezicathulo.
16. Kuyakuba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe,eyakusala e-Asiriya,njengalokho kwakunjalo ku-Israyelingosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.