1. Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese,kuphume igatsha ezimpandeni zakhe.
2. UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe,umoya wokuhlakanipha nowokuqonda,umoya wamasu nowamandla,umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.
3. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova;akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe,anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.
4. Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga,anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba,awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe,abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe.
5. Ukulunga kuyakuba yibhande* lezinkalo zakhe,ukuthembeka kube yibhande lamanyonga akhe.
6. Impisi iyakuhlala newundlu,ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi,ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye,nomntwana omncane uyakukuqhuba.
7. Inkomo nebhere* kuyakuklaba,amazinyane akho abuthise ndawonye,ingonyama idle utshani njengenkabi.
8. Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu,olunyuliweyo elulele isandla sakheesiseleni sikamantshingeyana.
9. Abayikwenza okubi,bangachithi entabeni yonke yami engcwele,ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehovanjengamanzi asibekela ulwandle.