22. Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,bengangesihlabathi solwandle,kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.
23. Ngokuba iNkosi uJehova Sebawotiiyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyophakathi kwawo wonke umhlaba.
24. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:“We bantu bami, enakhe eSiyoni,ningalesabi i-Asiriya,lapho likushaya ngentonga yalo,liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.
25. Ngokuba kusezakuba yisikhashana njekuze kuphele ukufutheka kwami,intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo.”
26. UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhunjengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi,nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle,ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.
27. Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo waloususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho.Liyakhuphuka eRimoni,
28. liyeza e-Ayati,lidlula eMigroni;lethula impahla yalo eMikimashi;
29. badlula esikhaleni,ebusuku bahlala eGeba;iRama liyaqhaqhazela,iGibeya likaSawule liyabaleka.
30. Zamuluka ngezwi lakho,ndodakazi yaseGalimi;qaphela, Layishi,yiphendule, Anathoti.
31. IMadimena selibalekile,abakhileyo eGebimi bathutha impahla.
32. Namhla nje liyema ngaseNobi,linikinele isandla salo intaba yendodakazi yaseSiyoni,intaba yaseJerusalema.