U-Isaya 10:22-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,bengangesihlabathi solwandle,kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.

23. Ngokuba iNkosi uJehova Sebawotiiyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyophakathi kwawo wonke umhlaba.

24. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:“We bantu bami, enakhe eSiyoni,ningalesabi i-Asiriya,lapho likushaya ngentonga yalo,liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.

25. Ngokuba kusezakuba yisikhashana njekuze kuphele ukufutheka kwami,intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo.”

26. UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhunjengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi,nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle,ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.

U-Isaya 10