U-Isaya 10:19-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana,ukuze ibhalwe ngumntwana.

20. Kuyakuthi ngalolo suku insali yakwa-Israyelinabasindileyo bendlu kaJakobebangasenciki kobashayileyo,kepha bencike ngeqiniso kuJehova oNgcwele ka-Israyeli.

21. Insali iyakubuya, insali kaJakobe,ibuyele kuNkulunkulu onamandla.

22. Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli,bengangesihlabathi solwandle,kuyakubuya phakathi kwabo insali nje;ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.

23. Ngokuba iNkosi uJehova Sebawotiiyakwenza ukubhujiswa okunqunyiweyophakathi kwawo wonke umhlaba.

24. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:“We bantu bami, enakhe eSiyoni,ningalesabi i-Asiriya,lapho likushaya ngentonga yalo,liphakamisele kuwe udondolo lwalo ngendlela yaseGibithe.

25. Ngokuba kusezakuba yisikhashana njekuze kuphele ukufutheka kwami,intukuthelo yami ibe sekuchithweni kwalo.”

26. UJehova Sebawoti uyakulivusela isiswebhunjengasekubulaweni kwabakwaMidiyani ngasedwaleni lika-Orebi,nentonga yakhe iyakuba phezu kolwandle,ayiphakamise ngendlela yaseGibithe.

27. Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo waloususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho.Liyakhuphuka eRimoni,

28. liyeza e-Ayati,lidlula eMigroni;lethula impahla yalo eMikimashi;

U-Isaya 10