1. Wo kubona abamisa izimiso ezimbi,nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,
2. ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni,nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho,ukuze abafelokazi babe yimpango yabo,baqhwage izintandane.
3. Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwanasekuchithakaleni okuvela kude na?Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na?Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?
4. Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo,niyakuwa phakathi kwababuleweyo;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.
5. “Wo kulo i-Asiriya,intonga yentukuthelo yami,nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.
6. Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu,ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yamiukuba liphange impango, liqhwage,libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.
7. Nokho akusiwo umqondo walo,inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo,kepha kusenhliziyweni yalo ukuchithanokunquma izizwe ezingeyingcosana.
8. Ngokuba lithi:‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?