U-Isaya 10:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wo kubona abamisa izimiso ezimbi,nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,

2. ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni,nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho,ukuze abafelokazi babe yimpango yabo,baqhwage izintandane.

3. Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwanasekuchithakaleni okuvela kude na?Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na?Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?

4. Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo,niyakuwa phakathi kwababuleweyo;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.

U-Isaya 10