U-Isaya 1:7-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Izwe lakini liyihlane,imizi yenu ishisiwe ngomlilo,umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu,kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.

8. Indodakazi yaseSiyoni isele njengexhiba esivinini,nanjengedladla ensimini yamaselwa,nanjengomuzi ovinjezelweyo.

9. Uma uJehova Sebawoti ebengasishiyelanga insali,besiyakuba njengeSodoma,sifane neGomora.

10. Yizwani izwi likaJehovanina babusi baseSodoma,nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethunina bantu baseGomora.

11. “Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na?”usho uJehova;“ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqamanangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo;negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpongoangithokozi ngalo.

12. Lapho nifika ukubona ubuso bami,ngubani okubize lokhu esandleni senuukuba ninyathele amagceke ami na?

13. Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu;impepho iyisinengiso kimi;ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlanganoangivumi ububi kanye nemikhosi.

14. Ezokwethwasa zenu kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyokuyazondwa ngumphefumulo wami;kungumthwalo phezu kwami,ngikhathele ngukukuthwala.

15. Lapho nelula izandla zenu,ngiyakufihla kini amehlo ami;yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa;izandla zenu zigcwele igazi.

16. Gezani, nihlanzeke,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi.

U-Isaya 1