U-Isaya 1:26-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala,nabeluleki bakho njengasekuqaleni,andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga,uMuzi Othembekileyo.”

27. ISiyoni liyakuhlengwa ngokwahlulelanabaphendukayo kulo ngokulunga.

28. Izihlubuki nezoni ziyakubhujiswa kanyekanye,nabamshiyayo uJehova bayakuqedwa.

29. “Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo,niyangaze ngamasimu enawakhethayo.

30. Ngokuba niyakuba njenge-oki*elimaqabunga alo abunile,nanjengensimu engenamanzi.

31. Abanamandla bayakuba njengefilakisi,*nemisebenzi yabo njengenhlansi;bayakusha bobabili kanyekanye,akuyikubakho ocimayo.”

U-Isaya 1