U-Isaya 1:14-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ezokwethwasa zenu kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyokuyazondwa ngumphefumulo wami;kungumthwalo phezu kwami,ngikhathele ngukukuthwala.

15. Lapho nelula izandla zenu,ngiyakufihla kini amehlo ami;yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa;izandla zenu zigcwele igazi.

16. Gezani, nihlanzeke,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi.

17. Fundani ukwenza okuhle,nifune ukwahlulela,niqondise abacindezeli,nahlulele izintandane,nimele umfelokazi.

18. “Wozani-ke, sithethe indaba,”usho uJehova;“noma izono zenu zibomvu kakhulu,ziyakuba mhlophe njengeqhwa;noma zibomvu njengokububende,ziyakuba njengoboya bezimvu.

19. Uma nivuma, nilalela,niyakudla okuhle kwezwe;

20. kepha uma nala, nihlubuka,niyakudliwa yinkemba,”ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.

21. Yeka umuzi othembekileyo waphenduka,waba yisifebe,wena owawugcwele ukwahlulela!Ukulunga kwakuhlezi khona,kepha manje ababulali.

22. Isiliva lakho seliphendukile amanyela;iwayini lakho lixubene namanzi.

23. Izikhulu zakho ziyizihlubukinabangane bamasela;bonke bathanda izipho, balandela imivuzo;abahluleli izintandane,nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.

24. Ngalokho ithi iNkosi uJehova Sebawoti,uMninimandla ka-Israyeli:“E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami,ngiziphindisele ezitheni zami,

25. ngibuyisele isandla sami kuwe,ngicwengisise impela amanyela akho,ngisuse lonke ithini* lakho,

26. ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala,nabeluleki bakho njengasekuqaleni,andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga,uMuzi Othembekileyo.”

U-Isaya 1