12. Lapho nifika ukubona ubuso bami,ngubani okubize lokhu esandleni senuukuba ninyathele amagceke ami na?
13. Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu;impepho iyisinengiso kimi;ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlanganoangivumi ububi kanye nemikhosi.
14. Ezokwethwasa zenu kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyokuyazondwa ngumphefumulo wami;kungumthwalo phezu kwami,ngikhathele ngukukuthwala.
15. Lapho nelula izandla zenu,ngiyakufihla kini amehlo ami;yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa;izandla zenu zigcwele igazi.
16. Gezani, nihlanzeke,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi.
17. Fundani ukwenza okuhle,nifune ukwahlulela,niqondise abacindezeli,nahlulele izintandane,nimele umfelokazi.
18. “Wozani-ke, sithethe indaba,”usho uJehova;“noma izono zenu zibomvu kakhulu,ziyakuba mhlophe njengeqhwa;noma zibomvu njengokububende,ziyakuba njengoboya bezimvu.
19. Uma nivuma, nilalela,niyakudla okuhle kwezwe;
20. kepha uma nala, nihlubuka,niyakudliwa yinkemba,”ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.
21. Yeka umuzi othembekileyo waphenduka,waba yisifebe,wena owawugcwele ukwahlulela!Ukulunga kwakuhlezi khona,kepha manje ababulali.
22. Isiliva lakho seliphendukile amanyela;iwayini lakho lixubene namanzi.