U-Ezra 8:17-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Ngabathuma ku-Ido, inhloko yasendaweni yaseKhasifiya, ngabeka emlonyeni wabo amazwi abayakuwakhuluma ku-Ido nakubafowabo amaNethini* endaweni yaseKhasifiya ukuba basilethele izinceku zendlu kaNkulunkulu wethu.

18. Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esasiphezu kwethu basilethela umuntu onengqondo wamadodana kaMaheli indodana kaLevi ka-Israyeli, kanye noSherebiya namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nesishiyagalombili,

19. noHashabiya enoJeshaya wamadodana kaMerari, nabafowabo namadodana abo, bengamashumi amabili,

20. nakuwo amaNethini* uDavide nezikhulu ababewanikele enkonzweni yamaLevi amaNethini angamakhulu amabili namashumi amabili, abizwa onke ngamagama.

21. Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i-Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu, sizifunele kuye indlela emhlophe, thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.

22. Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.”

U-Ezra 8