1. Nazi izinhloko zawoyise, nazi izizukulwane zabakhuphuka nami eBabele ekubuseni kuka-Aritahishashita inkosi:
2. Kumadodana kaFinehasi: nguGereshomu; kumadodana ka-Itamari: nguDaniyeli; kumadodana kaDavide: nguHathushi.
3. Kumadodana kaShekaniya, kumadodana kaPharoshi: nguZakariya; kanye naye kwabhalwa ngezizukulwane abesilisa abayikhulu namashumi ayisihlanu.
4. Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngu-Eliyohenayi indodana kaZeraya; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili.
5. Kumadodana kaShekaniya: yindodana kaJahaziyeli; kanye nayo ngabesilisa abangamakhulu amathathu.
6. Kumadodana ka-Adini: ngu-Ebedi indodana kaJonathani; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisihlanu.
7. Kumadodana ka-Elamu: nguJeshaya indodana ka-Athaliya; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisikhombisa.
8. Kumadodana kaShefathiya: nguZebadiya indodana kaMikayeli; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisishiyagalombili.
9. Kumadodana kaJowabe: ngu-Obadiya indodana kaJehiyeli; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili neshumi nesishiyagalombili.
10. Kumadodana kaShelomiti: yindodana kaJosifiya; kanye nayo ngabesilisa abayikhulu namashumi ayisithupha.
11. Kumadodana kaBebayi: nguZakariya indodana kaBebayi; kanye naye ngabesilisa abangamashumi amabili nesishiyagalombili.
12. Kumadodana ka-Azigadi: nguJohanani indodana kaHakathani; kanye naye ngabesilisa abayikhulu neshumi.
13. Kumadodana ka-Adonikamu, awokugcina: nanka amagama awo: ngo-Elifeleti, noJehiyeli, noShemaya, nabesilisa abangamashumi ayisithupha kanye nabo.
14. Kumadodana kaBigivayi: ngo-Uthayi noZabudi; kanye nabo ngabesilisa abanamashumi ayisikhombisa.
15. Ngababutha emfuleni oya e-Ahava; samisa khona izinsuku ezintathu; ngabheka abantu nabapristi, angifumananga khona noyedwa wamadodana kaLevi.
16. Ngase ngithuma ngibiza o-Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu abayizinhloko, kanye noJoyaribi no-Elinathani abafundisayo.
17. Ngabathuma ku-Ido, inhloko yasendaweni yaseKhasifiya, ngabeka emlonyeni wabo amazwi abayakuwakhuluma ku-Ido nakubafowabo amaNethini* endaweni yaseKhasifiya ukuba basilethele izinceku zendlu kaNkulunkulu wethu.