2. kaShalumi kaSadoki ka-Ahithubi
3. ka-Amariya ka-Azariya kaMerayoti
4. kaZeraya ka-Uzi kaBuki
5. ka-Abishuwa kaFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi omkhulu,
6. u-Ezra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.
7. Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini,* baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi.
8. Wafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu ngomnyaka wesikhombisa wenkosi.