U-Ezra 6:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona uDariyu wakhipha isimemezelo, kwacingwa endlini yezincwadi, lapho ingcebo yayibekelelwa khona eBabele.

2. Kwafunyanwa e-Akimetha endlini yamakhosi esezweni laseMediya umqulu okwakulotshwe kuwo isikhumbuzo sokuthi:

3. “Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuthi: Ngendlu kaNkulunkulu eseJerusalema, indlu mayakhiwe endaweni lapho benikelela khona ngemihlatshelo, zibekwe izisekelo zayo, ziqine, ukuphakama kwayo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi bayo bube yizingalo ezingamashumi ayisithupha;

4. ayibe nezinhla ezintathu zamatshe amakhulu, nohla lwemithi emisha, izindleko zikhishwe endlini yenkosi;

5. futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu, uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBabele, mazibuyiswe, ziyiswe ethempelini eliseJerusalema, kube yileso naleso endaweni yaso, zibekwe endlini kaNkulunkulu.

6. “Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula,* nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama-Afarisaki abangaphesheya koMfula, manibe kude nalapho;

7. wuyekeni umsebenzi waleyo ndlu kaNkulunkulu; umbusi wabaJuda namalunga abaJuda mabakhe le ndlu kaNkulunkulu endaweni yayo.

U-Ezra 6