U-Ezra 4:5-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. babaqashela abeluleki, bashafisa amasu abo zonke izinsuku zikaKoresi, inkosi yasePheresiya, kwaze kwaba sekubuseni kukaDariyu inkosi yasePheresiya.

6. Ekubuseni kuka-Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe, baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema.

7. Emihleni ka-Aritahishashita oBishilamu, noMithiredati, noThabeyeli, nabanye abangane bakhe baloba ku-Aritahishashita inkosi yasePheresiya; okulotshiweyo kwakunjengokulotshwa kwesi-Aramu, kwachazwa ngesi-Aramu.

8. URehumi unqamulajuqu noShimshayi, umbhali, babhala incwadi enje ku-Aritahishashita inkosi ngeJerusalema ngokuthi:

9. URehumi unqamulajuqu noShimshayi, umbhali, nabanye abangane babo, amaDinayi, nama-Afarisathiki, namaTharipheli, nama-Afarisi, nama-Arikhevi, nabaseBabele, namaShushaniki, namaDehavi, nama-Elamu,

10. nezinye izizwe ezathunjwa ngu-Osinaphari omkhulu nodumileyo, zahlaliswa emzini waseSamariya nakwelinye phesheya koMfula,* nokuthi nokuthi.

11. Nansi impinda yencwadi abayithuma ku-Aritahishashita inkosi yokuthi:“Izinceku zakho, abantu abaphesheya koMfula,* nokuthi nokuthi.

12. “Makwazeke enkosini ukuthi abaJuda abakhuphuka kuwe sebefikile kithi eJerusalema; bayawakha umuzi ohlubukileyo nonengekayo; sebeyakuqeda izingange, bahlanganise izisekelo.

13. “Makwazeke enkosini, kalokhu, ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange, abayikuthela intela, nenkokhiso, nemali yendlela, okuyakulimaza amakhosi ekugcineni.

14. Njengokuba manje sidla usawoti wendlu yenkosi, kungasifanele ukuba sibone ihlazo lenkosi, ngalokho sithumele sayazisa inkosi

15. ukuba kucingwe encwadini yezindaba yawoyihlo; uyakufumana encwadini yezindaba, wazi ukuthi lo muzi ungumuzi ohlubukayo, olimaza amakhosi namazwe, nokuthi benzile ukwambuka phakathi kwawo kwasendulo; ngalokho lo muzi wachithwa.

16. Siyazisa inkosi ukuthi uma lo muzi wakhiwa, ziqedwe izingange zawo, ngalokho awusayikuba nasiqephu phesheya koMfula.”*

17. Inkosi yayisithuma incwadi kuRehumi unqamulajuqu noShimshayi umbhali nabanye abangane babo ababehlala eSamariya nakwelinye phesheya koMfula* yokuthi:“Ukuthula, nokuthi nokuthi.

18. “Incwadi enayithuma kithina ifundwe kahle phambi kwami.

19. Ngayaleza, kwacingwa, kufumanisekile ukuthi lowo muzi uziphakamisele amakhosi kwasendulo nokuthi ukuhlubuka nokwambuka kwenziwe phakathi kwawo.

20. Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula;* aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.

U-Ezra 4