U-Ezra 4:19-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Ngayaleza, kwacingwa, kufumanisekile ukuthi lowo muzi uziphakamisele amakhosi kwasendulo nokuthi ukuhlubuka nokwambuka kwenziwe phakathi kwawo.

20. Kade kwakukhona amakhosi anamandla naphezu kweJerusalema, ayebusa lonke elingaphesheya koMfula;* aphiwa intela, nenkokhiso, nemali yendlela.

21. Makuyalezwe ukuba labo bantu bathiywe, ungakhiwa lowo muzi, ngize ngiyaleze mina.

U-Ezra 4