U-Ezra 3:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Lapho isisondela inyanga yesikhombisa, abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana eJerusalema njengomuntu munye.

2. Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki, nabafowabo abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.

3. Balimisa i-altare endaweni yalo, ngokuba babe novalo ngenxa yabantu balawo mazwe, banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo, yebo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa.

4. Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo, banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku,

5. nangasemuva umnikelo oshiswa imihla yonke, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi yonke emisiweyo kaJehova eyayingcwelisiwe, neyabo bonke abanikela ngenhliziyo ngeminikelo yesihle kuJehova.

6. Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova; kepha isisekelo sethempeli sasingakabekwa.

7. Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari* eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.

U-Ezra 3