7. abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
8. abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisihiyagalolunye namashumi amane nanhlanu;
9. abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
10. abantwana bakwaBani: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;
11. abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nantathu;
12. abantwana bakwa-Azigadi: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amabili nambili;
13. abantwana bakwa-Adonikamu ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;
14. abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;