57. nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.
58. Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.
59. Nampa abakhuphuka eTheli Mela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini:
60. ngabantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili.
61. Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
62. Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.
63. Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumini.*
64. Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
65. ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.
66. Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
67. amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.