U-Ezra 2:53-67 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

53. nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,

54. nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.

55. Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaHasofereti, nabantwana bakwaPheruda,

56. nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,

57. nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.

58. Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.

59. Nampa abakhuphuka eTheli Mela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini:

60. ngabantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili.

61. Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.

62. Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.

63. Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumini.*

64. Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,

65. ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.

66. Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;

67. amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.

U-Ezra 2