50. nabantwana bakwa-Asina, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefisimi,
51. nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,
52. nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,
53. nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
54. nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
55. Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaHasofereti, nabantwana bakwaPheruda,
56. nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
57. nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.
58. Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.
59. Nampa abakhuphuka eTheli Mela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini:
60. ngabantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili.
61. Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
62. Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.
63. Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumini.*
64. Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
65. ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.
66. Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi* yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;