44. nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiyaha, nabantwana bakwaPhadoni,
45. nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwa-Akubi,
46. nabantwana bakwaHagabi, nabantwana bakwaShamulayi, nabantwana bakwaHanani,
47. nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari, nabantwana bakwaRewaya,
48. nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda, nabantwana bakwaGazamu,
49. nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhaseya, nabantwana bakwaBesayi,
50. nabantwana bakwa-Asina, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefisimi,
51. nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,
52. nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,
53. nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
54. nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
55. Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaHasofereti, nabantwana bakwaPheruda,
56. nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
57. nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.
58. Onke amaNethini* nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.
59. Nampa abakhuphuka eTheli Mela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini: