U-Ezra 2:37-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

37. abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;

38. abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;

39. abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.

40. AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa noKadimiyeli babantwana bakwaHodaviya: ngamashumi ayisikhombisa nane;

41. Abahlabeleli: abantwana bakwa Asafa: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;

42. abantwana babalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi, bonke beyikhulu namashumi amathathu nesishiyagalolunye.

43. AmaNethini:* ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,

44. nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiyaha, nabantwana bakwaPhadoni,

U-Ezra 2