U-Ezra 2:33-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

33. abantwana baseLodi naseHadidi nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;

34. abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;

35. abantwana baseSenawa; yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.

36. Abapristi: abantwana bakwaJedaya bendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;

37. abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;

38. abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;

U-Ezra 2