29. abantwana baseNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
30. abantwana baseMagibishi: yikhulu namashumi ayisihlanu nesithupha;
31. abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
32. abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
33. abantwana baseLodi naseHadidi nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;
34. abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
35. abantwana baseSenawa; yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
36. Abapristi: abantwana bakwaJedaya bendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;