U-Ezra 2:24-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. abantwana base-Azimaveti: ngamashumi amane nambili;

25. abantwana baseKiriyati Arimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;

26. abantwana baseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;

27. amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;

28. amadoda aseBethele nase-Ayi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;

29. abantwana baseNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;

30. abantwana baseMagibishi: yikhulu namashumi ayisihlanu nesithupha;

31. abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;

U-Ezra 2