U-Ezra 2:16-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;

17. abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;

18. abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;

19. abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;

20. abantwana bakwaGibari: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu;

21. abantwana baseBetlehema: yikhulu namashumi amabili nantathu;

22. amadoda aseNethofa; ngamashumi ayisihlanu nesithupha;

23. amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;

24. abantwana base-Azimaveti: ngamashumi amane nambili;

25. abantwana baseKiriyati Arimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;

26. abantwana baseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;

27. amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;

28. amadoda aseBethele nase-Ayi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;

U-Ezra 2