14. abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;
15. abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu amane namashumi ayisihlanu nane;
16. abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
17. abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;
18. abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;
19. abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;