13. abantwana bakwa-Adonikamu ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;
14. abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;
15. abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu amane namashumi ayisihlanu nane;
16. abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
17. abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;
18. abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;
19. abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
20. abantwana bakwaGibari: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu;
21. abantwana baseBetlehema: yikhulu namashumi amabili nantathu;
22. amadoda aseNethofa; ngamashumi ayisihlanu nesithupha;