10. abantwana bakwaBani: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;
11. abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nantathu;
12. abantwana bakwa-Azigadi: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amabili nambili;
13. abantwana bakwa-Adonikamu ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;
14. abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;
15. abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu amane namashumi ayisihlanu nane;
16. abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
17. abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;
18. abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;